Zulu Translation - Adel Jaffer

Ayah by Ayah

Tags

Download Links

Zulu Translation - Adel Jaffer translation for Surah Al-Hashr — Ayah 2

59:2
هُوَ ٱلَّذِيٓ أَخۡرَجَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ مِنۡ أَهۡلِ ٱلۡكِتَٰبِ مِن دِيَٰرِهِمۡ لِأَوَّلِ ٱلۡحَشۡرِۚ مَا ظَنَنتُمۡ أَن يَخۡرُجُواْۖ وَظَنُّوٓاْ أَنَّهُم مَّانِعَتُهُمۡ حُصُونُهُم مِّنَ ٱللَّهِ فَأَتَىٰهُمُ ٱللَّهُ مِنۡ حَيۡثُ لَمۡ يَحۡتَسِبُواْۖ وَقَذَفَ فِي قُلُوبِهِمُ ٱلرُّعۡبَۚ يُخۡرِبُونَ بُيُوتَهُم بِأَيۡدِيهِمۡ وَأَيۡدِي ٱلۡمُؤۡمِنِينَ فَٱعۡتَبِرُواْ يَٰٓأُوْلِي ٱلۡأَبۡصَٰرِ ٢
Nguye owakhipha labo abangakholwa kwabeMibhalo1 emizini yabo okokuqala ngqa; naningacabangi ukuthi bayoke baphume, nabo babecabanga ukuthi izinqaba zabo ziyobavikela ku Allah, kepha u Allah wagasela lapho ababengalindele2 khona. Wafaka uvalo ezinhlizweni zabo; babhidliza izindlu zabo ngezandla zabo nangezandla zabakholwayo; ngakhoke thathani isifundo nina enikhaliphile.
Footnotes
  • [1] Lawa kwakungaMajuda isizwana sakwa Nadwiri esasidlondlobele impela ngokwengcebo nezakhiwo. Baphula isivumelwano ababenaso nabaMusilimu aseMadina, basebenzisa nezitha. Baba yisizwe sokuqala ukuxoshwa ezweni lama Arabhu ezizwaneni zaMajuda ezafika kwelama Arabhu zizokhosela.
  • [2] Babengalindelanga ukuthi u Allah uzoyalela iSithunywa Sakhe ukuba sigalele kubo nebutho lempi sibaxoshe.

Changelog