Zulu Translation - Adel Jaffer

Ayah by Ayah

Tags

Download Links

Zulu Translation - Adel Jaffer translation for Surah Al-Muzzammil — Ayah 20

73:20
۞ إِنَّ رَبَّكَ يَعۡلَمُ أَنَّكَ تَقُومُ أَدۡنَىٰ مِن ثُلُثَيِ ٱلَّيۡلِ وَنِصۡفَهُۥ وَثُلُثَهُۥ وَطَآئِفَةٞ مِّنَ ٱلَّذِينَ مَعَكَۚ وَٱللَّهُ يُقَدِّرُ ٱلَّيۡلَ وَٱلنَّهَارَۚ عَلِمَ أَن لَّن تُحۡصُوهُ فَتَابَ عَلَيۡكُمۡۖ فَٱقۡرَءُواْ مَا تَيَسَّرَ مِنَ ٱلۡقُرۡءَانِۚ عَلِمَ أَن سَيَكُونُ مِنكُم مَّرۡضَىٰ وَءَاخَرُونَ يَضۡرِبُونَ فِي ٱلۡأَرۡضِ يَبۡتَغُونَ مِن فَضۡلِ ٱللَّهِ وَءَاخَرُونَ يُقَٰتِلُونَ فِي سَبِيلِ ٱللَّهِۖ فَٱقۡرَءُواْ مَا تَيَسَّرَ مِنۡهُۚ وَأَقِيمُواْ ٱلصَّلَوٰةَ وَءَاتُواْ ٱلزَّكَوٰةَ وَأَقۡرِضُواْ ٱللَّهَ قَرۡضًا حَسَنٗاۚ وَمَا تُقَدِّمُواْ لِأَنفُسِكُم مِّنۡ خَيۡرٖ تَجِدُوهُ عِندَ ٱللَّهِ هُوَ خَيۡرٗا وَأَعۡظَمَ أَجۡرٗاۚ وَٱسۡتَغۡفِرُواْ ٱللَّهَۖ إِنَّ ٱللَّهَ غَفُورٞ رَّحِيمُۢ ٢٠
Ngempela iNkosi yakho iyazi ukuthi wena neqembu lalabo abanawe niyama okuthi akusonde izigamu ezimbile kwezintathu, nesigamu kwezimbili nesigamu kwezintathu; u Allah nguYena ohlela ubusuku nemini. Ubazi ukuthi anisoze nakhona, wanithethelela; ngakhoke fundani enikukhonayo kuKurani. Ubazi ukuthi kuyoba khona kini abagulayo abanye bayasebenza bethungatha umusa ka Allah, kuthi abanye bayalwa endleleni ka Allah, ngakhoke fundani enikukhonayo kuyo; niqikelele ukwenza iSwala nikhiphe neZaka futhi niboleleke u Allah imboleko enhle. Konke enizenzela kona okuhle niyokuthola ku Allah kungcono kunomvuzo omkhulu. Nicele intethelelo ku Allah ngokuba u Allah uyaThethelela Unesihawu.

Changelog