[1]
u Allah ufunga ngezingelosi zaKhe ezithatha imiphefumulo yabangakholwa ngendluzula, neyabakholwayo ngesineke nezinye ngokuhlukana kwemisebenzi yazo. U Allah njengoMdali ufunga nangoba ayithanda endalweni yaKhe. Kepha indalo ayinalo igunya lokufunga ngaphandle kuka Allah umdali wabo. Ukufunga ngokunye ngaphandle kuka Allah kuwukwenza i Shiriki (ukubhanqa u Allah nendalo yaKhe) okuyimpambuko enkulu kunazo zonke.